Isimemezelo samaBhunu

Sithini iSimemezelo samaBhunu

AmaBhunu [njengeqembu labantu] awumphakathi ongokwesiko wendabuko e-Afrika. Leli zwekazi selibe yikhaya lethu amakhulu ambalwa eminyaka. Ngalesi sizathu, sifuna ukusebenzela ikusasa elikhululekile, eliphephile nelinempumelelo loko sikwenzele inzalo yethu echosheni eliseningizimu ye-Afrika. Sifuna ukuxoxisana nokusebenzisana neminye imiphakathi yaseNingizimu Afrika ngomoya wokuqaphelana nokuhloniphana ukuze kutholwe izixazululo ezimeni ezibucayi eziningi ezisongela ikusasa lethu sisonke. Futhi kuyisifiso sethu ukufaka isandla ekuthuthukisweni kwe-Afrika ngokwezenhlalo nangokwezomnotho.

Izwe lethu linomlando oyinkimbinkimbi. Kuye kwaba nezingxabano ezinkulu phakathi kwemiphakathi, futhi amaBhunu akuthatha njengento engencane neze loko okwénzeka kubantu abamnyama. Isimo esibucayi ezweni manje siyasiphoqa ukuba sibe nombono wekusasa onamandla ukwedlula inkumbulo yethu yesikhathi esedlule. Zikhathi thile, kusadingeka kona ukuba siqalaze emuva, kodwa ngenxa yenqubekela-phambili sizokwazi kuphela ukuqalisa uhambo olusihlalele uma sigxilisa amabombo phambili ngenxa yekusasa. Akufanele sivumele imibono yethu ihluke kakhulu ngaloko kwesikhathi esidlule size sicekele phansi ikusasa. Ngenxa yalesi sizathu, kufanele sakhe phezu kwezibonelo zobudlelwano obuhle nokubambisana phakathi kwamaqembu ahlukene abeloku ekhona esikhathini esidlule.

Kuphakama umbuzo wokuthi yini amaBhunu ayidingayo ukuze akwazi ukuphila ngokukhululeka, ngokuphepha nangempumelelo ngokuhlalisana neminye imiphakathi yaseNingizimu Afrika, futhi ngokwenza loko abe negalelo elisimeme enhlalakahleni yeminye imiphakathi.

Impendulo emfushane kuloku iwukuthi sidinga isimo esijwayelekile (normality), okungukuthi umphakathi ojwayelekile esinokukwazi ngawo ukusiza ekuqinisekiseni ikusasa eliqhakazile lomuntu wonke. Sithanda ukuveza kafushane isisekelo sethu sokuthi lowo mphakathi ojwayelekile ungasungulwa kanjani.

Isimemezelo samaBhunu

01.

AmaBhunu awumphakathi ongokwesiko womdabu wase-Afrika

Asizanga e-Afrika singamaBhunu. Emakhulwini eminyaka adlule okhokho bethu bafika lapha bevela emazweni ahlukene eYurophu, kodwa baba ngamaBhunu sebelapha, isikhathi eside ngaphambi kokuba kube khona izwe okuthiwa yiNingizimu Afrika. Ulimi lwethu namasiko kungokomdabu wase-Afrika. Saziqamba thina, ulimi lwethu kanye nezikhungo zethu eziningi nge-Afrika. AmaBhunu awumphakathi ozichaza ngokwawo ngokwesikompilo – iqembu labantu – hhayi nje iqembu ngokolimi noma iqembu ngokohlanga. Siyakugcizelela ukuthi ngolimi lwesiBhunu siphinde sibe nesibopho (bond) ngenxa yolimi lwethu olufanayo neningi lamaKhaladi (“abantu aba-brown”) aseNingizimu Afrika, kanye nenani elikhulu labantu abavela kweminye imiphakathi yaseNingizimu Afrika. Siyayihlonipha le miphakathi eminye engokwesikompilo yesiBhunu futhi sizobambisana futhi besiloku sibambisana nayo kuzo zonke izindaba ezifanele. Thina sivela esikweni lobuKristu baseNtshonalanga futhi sithembela ezithembisweni zikaNkulunkulu zethemba ngekusasa, ikakhulukazi ngezikhathi zobunzima. Umbono weriphabliki ubuloku uyinto eyesekwa ngokuqinile phakathi kwamaBhunu, empeleni, okusho ukuthi sifuna ukwenza futhi sisebenzise izinqumo okungezethu ngokuqondene nomphakathi wethu.

02.

Sifuna ukuhlala lapha futhi sibambe iqhaza enhlalakahleni yezwe neyabo bonke abantu balo

Siyaqiniseka ukuthi sinekusasa lapha. Ngenxa yalesi sizathu, sifuna ukusiza ukudaleni izimo zokuthi amaBhunu aphile futhi achume ngendlela enozinzo. Loku kuzophinde kusenze sikwazi ukufaka isandla esihlala njalo enhlalakahleni yeminye imiphakathi. Sishabashabela futhi nokugcina ubudlelwano namaBhunu ahlala kwamanye amazwe kanye nokuwakhuthaza ukuthi ahlale elibambile iqhaza emiphakathini yaseNingizimu Afrika. Sibuhlungu ukuthi amanye amaBhunu angozakwethu kwadingeka athuthe engathandi ngoba engasaliboni ikusasa lapha.

03.

Ukubambisana kubhekelela inkululeko, ukuphepha nokuchuma komuntu wonke

Sikholwa ukuthi ziningi izinto ezihlanganisa imiphakathi yaleli zwe kunalezo ezisihlukanisayo. Ngisho noma singahlali sinemibono efanayo, sinezintshisekelo eziwumongo ezifanayo njengokuthi izwe elisebenza kahle kanye nomphakathi onempilo lapho wonke umuntu enethuba khona lokwakha ikusasa elingcono. Ngakulolu hlangothi, sizibophezele ekwakheni umphakathi obumbene phakathi kwamaBhunu, kanti ngakolunye uhlangothi sizimisele ukuhlakulela ubudlelwano nayo yonke imiphakathi yaseNingizimu Afrika ukuze sisize ukuzuza impilo enenqubekela-phambili yomuntu wonke.

AmaBhunu awumphakathi ohleleke kahle futhi angathanda ukuba nendawo nethuba kokufaka isandla ekuxazululeni izimo ezibucayi iNingizimu Afrika ebhekene nazo njengamanje. Sikholelwa ukuthi ukubambisana phakathi kwemiphakathi, esikhundleni semishuduliswano yezepolitiki, kuyisona sixazululo ebudlelwaneni obuhle bezinhlanga.

04.

Sakha ngenjongo yokuba sihlale lapha

Umphakathi ongokwesikompilo uhlala futhi uphile ngamasiko owadingayo ukuze uqhubeke ukhona futhi okuthi ngawo isikompilo lawo lidluliselwe ezizukulwaneni ezilandelayo. Kungakho sakha ingqalasizinda yesikompilo, izindawo zokuhlala, amaziko namakhaya, kanye nezikhungo okuzosenza sikwazi ukuhlala eNingizimu Afrika. Inhloso yaleli “khaya lesikompilo” akuyona eyokuzihlukanisa, kodwa empeleni wukwenza kube nokwenzeka ukuchuma nokuhlala nabanye ye-Afrika eseningizimu.

05.

Inkululeko engokwesikompilo iwumbandela wenkululeko yentando yabantu

Uma singenayo inkululeko engokwesikompilo, sizogubungelwa yilabo abaningi ngesibalo kuyo yonke imikhakha yokuphila kwethu. Loku kunjalo ngisho nasezindabeni eziyisisekelo ezithinta ukuqhubeka kwethu sikhona. Ukugubungela kweningi okulahlekisela labo abayidlanzana kuphambene kakhulu nawo kanye umgomo wentando yabantu (democracy). Inkululeko yentando yabantu ingatholakala kuphela uma kuqinisekiswa inkululeko engokwesikompilo njengombandela obalulekile wokungashabalali kwethu.

Ngesikhathi esifanayo, inkululeko engokwesikompilo iwumbandela wokuthi ulimi lwethu lwebele, isiBhunu, luqhubeke lukhona njengolimi olusetshenziswa ngokugcwele.

Ukuqashelwa kwenkululeko engokwesikompilo ngendlela yamalungelo ahlobene nesikompilo nezindawo (spaces) kuwumbandela wokuba sikwazi ukuwajabulela ngokulinganayo amalungelo ethu ngabanye. Ngaphandle kokuqashelwa okunjalo, amalungelo alabo abaningi ngesibalo ashabalalisa amalungelo abantu ngabanye alabo abambalwa ngesibalo ngokwesikompilo noma kuzwelonke.

Izikhungo nezinhlangano zethu ezingokwesikompilo, njengezikole, amanyuvesi, izinyunyana zezisebenzi nokunye okunjalo, kwakha lezo zindawo ezingamakhaya ethu enhlanganyelo. Ngokwaloko esikubona kwenzeka, lezi zikhungo nezinhlangano zingaphansi kokuhlaselwa kwezepolitiki okuqhubekayo futhi zibekwa engcupheni wumthetho nenqubomgomo. Ngenxa yalesi sizathu, sifisa ukuqinisekisa ukuthi, ngokuzimela kwethu okungokwesikompilo kwangaphakathi kanye nokuba nezwi kuhulumeni, sizokwazi ukujabulela inkululeko ehlala njalo engokwesikompilo nentando yabantu. Uma sikwazi ngokungenazihibe ukubamba iqhaza ekuphileni kwethu okungokwesikompilo ngezikhungo nezinhlangano zethu, kuba lula ngathi ukuphumela nakweminye imiphakathi, kuthi ngaleyo ndlela sigqugquzele ukubambisana.

06.

Sikholelwa ekubalulekeni okulinganayo kwayo yonke imiphakathi

Sikholelwa ekubalulekeni okulinganayo kwayo yonke imiphakathi njengesisekelo sokubamba iqhaza kwethu sonke kuloko okungamaqiniso ngokubanzi. Sizibheka njengabalinganayo nabanye, hhayi abaphakeme noma abaphansi kuneminye imiphakathi. Sinelungelo lokuthola amalungelo afanayo, izikhala kanye namakhono ajatshulelwa ngeminye imiphakathi engokwesikompilo, okuhlanganisa indawo noma izindawo zesikompilo. Le mfuno ayikona okungajwayelekile. Umthetho wamazwe omhlaba kanye noMthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika nayo iyakuhlinzekela loku.

Siyazemukela izindlela zokugqugquzela amathuba alinganayo kubo bonke abantu, kodwa siyakwenqaba ukuqhutshwa kwemithetho yobuhlanga eyehlisa amaBhunu abe yizakhamuzi ezisezingeni lesibili, okuholela ekuthini izakhamuzi zingalingani. Kukhinyabeza ikhono lamaBhunu anentshisekelo ngezinto ezinhle ezintsha futhi kuwagcina ebekeke ngaphandle ethubeni lokubamba iqhaza ekufukulweni nasekuthuthukisweni kwezwe nabo bonke abantu balo. Kaningi, ukusetshenziswa ngobuqili kwalezi zinyathelo ezingokobuhlanga kuye kwaholela ekuntengeni komkhakha kahulumeni (public sector) kanye namabhizinisi kahulumeni futhi kuye kwakhuthaza ngisho nenkohlakalo. Ukuqedwa kwalezi zinyathelo kuzosiza ukuba kususwe imigoqo ekhinyabeza ukukhula komnotho futhi kube nesandla ekuzuziseni umphakathi wonkana. Imithetho yobuhlanga ekhinyabeza ingxenye encane engabantu abasha abangamaBhunu ayenzi mehluko eningini lentsha emnyama. Inkambiso yobuhlanga ayivumelani nentando yabantu engokomthetho-sisekelo, umbuso osebenzayo kanye nomnotho okhulayo.

07.

Okwesikhathi esidlule akufanele kucekele phansi ikusasa lethu sonke

Kuthiwa lowo nalowo mphakathi uzithatha njengenkaba yomhlaba futhi ubhala umlando wawo njengendaba ewumgogodla womhlaba. Loku kunjalo nangemibono eyahlukene imiphakathi yaseNingizimu Afrika enayo ngomlando, okuyinto engasehlukanisa kabi kakhulu. Siyasivuma isikhathi esidlule esiyinkimbinkimbi kanye nefa (legacy) lokungqubuzana okungokomlando ngokwengxenye okusaqhubeka ngisho namanje. Siyadabuka nangeqiniso lokuthi izibonelo ezikhuthazayo zokubambisana phakathi kwemiphakathi yaseNingizimu Afrika esikhathini esedlule ikakhulu sezilibalekile namuhla. Nokho, ukuhlukana kwesikhathi esidlule akufanele kuqhutshekiselwe phambili unomphelo ngendlela yokuthi kulicekele phansi ikusasa lethu elifanayo. Ngakho-ke, kufanele sakhele phezu kwezibonelo ezingokomlando zokubambisana phakathi kwemiphakathi, kunokuba sigqolozele umlando wokungqubuzana esikhathini esidlule.

Asikwazi ukukushintsha okwénzeka esikhathini esidlule, kodwa singabambisana ukuze sibhekane nezinkinga esibhekene nazo namuhla. Izingane zethu ngeke zisolwe ngokwénzeka zingakazalwa, kuyilapho abaholi bakahulumeni bengathweswa cala ngaloku abakwenzayo namuhla.

08.

UMthetho-sisekelo uyasivuma isifiso sokuba umuntu abe nendawo

Njengakunoma yimuphi omunye umphakathi, akukho ukuvumelana okuphelele kwangaphakathi mayelana nokuthi umphakathi wethu udinga ini ukuze uphumelele. Nokho, ukuvuthwa kwethu ngokwentando yabantu kuqinisekisa ukuthi akudingekile ukuba umuntu akuphikise loko yena akubona ngokwehlukile. Inani eliphawulekayo lamaBhunu lisekela umbono wentando yabantu wokuzimela ngokwesikompilo kwangaphakathi kwamaBhunu eNingizimu Afrika. Kukhona futhi neqembu elingelincane elimi ekuthini – ngokuhambisana nombono ojwayelekile wamariphabliki – inkululeko engokwesikompilo ngaphandle kokuba nendawo okungeyakho iyinto engathi shú. Nakuba izikhulu eziphethe kanye noMthetho-sisekelo kuvele kusibona lesi sifiso, empeleni ukwenziwa kwaso kwenzeke kwenziwa kube nzima kakhulu. Yingakho kudingeka isixazululo sezepolitiki ukubhekana naloku. Izigodi (zones) zamasikompilo ezikhethekile ezisendaweni ethile, cishe njengezindawo zamasikompilo zeminye imiphakathi ezweni, zingaba yingxenye yesixazululo.

UMthetho-sisekelo uyakuvumela loku ngokuhlinzeka okwenzayo maqondana nezinhlobo ezahlukene zokuzibusa kwangaphakathi. Alikho idlanzana elincane esizweni elingalokotha livale umnyango womthetho-sisekelo oholela ekuzibuseni okuthe xaxa, ngoba ngaloko liyobe lizibeka esimeni esiyohlala unomphelo sokuncika kulabo bantu abaningi ngesibalo.

09.

Ubunye naphezu kokuhlukahluka

Ukubuyisana kanye nokwakhiwa kwesizwe akunakwenziwa kube wukudidiyela yonke into emibonweni yokubusa izwe noma konke kwenziwe kuvune labo bantu abaningi ngesibalo. Umlando ubonisa ukuthi ukwenza kanjalo kukhuthaza ukuvuselelwa kwamasikompilo ngendlela eyenza abantu baqhelelane. Sikholelwa ukuthi ukukuqaphela ukuthi kunokwehlukahluka phakathi kwamaqembu abantu, kusho ukuthi abantu badinga nendawo okungeyabo futhi loko kuyindlela engcono kakhulu yokuthuthukisa ubumbano lwesizwe [ukugwema ukukhuhlana]. Asiwusekeli umbono wokuthi ukubuyisana kuncike ekwamukelweni kwenqubomgomo evuna kuphela abantu abaningi ngesibalo, ngoba ukuphoqelelwa kombono onjalo ngokwesisekelo ngeke kube ngokwentando yabantu futhi kungakhinyabeza ukulingana kwabantu nesithunzi sabo.

10.

Ukubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo zikahulumeni ezifanele

Okwamanje, amaBhunu abekeke ngaphandle ezinhlakeni zokubamba iqhaza komphakathi nangokwesikompilo, njengezikhungo eziqashelwayo zemiphakathi ejwayelekile. Kumele kwakhiwe imigudu okuzothi ngayo amaBhunu abe nezwi ezingeni likazwelonke mayelana nezinto ezithinta umphakathi wethu nezwe.

11.

Ukufukulwa ngokomnotho

Kubaluleke kakhulu ukuthi kubhekanwe ngendlela ewujuqu nobumpofu, ukuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu kanye nezinye izindaba ezimbi kakhulu ezithinta umphakathi ezicekela phansi izwe. AmaBhunu afisa ukufaka isandla ekufukulweni ngokomnotho kwabo bonke abantu abampofu. AmaBhunu akholelwa ekuthini zinokutholakala izifundo zanamuhla emlandweni wokufukulwa kwamaBhunu ngokomnotho nangokwesikompilo esikhathini esidlule nesamanje.

12.

Isivumelwano Esingokwamasikompilo

Ngenxa yomumo wethu njengabantu abayohlala njalo beyidlanzana, thina maBhunu sigcineka ngokwentando yabantu singaphandle kukahulumeni futhi singenakumfinyelela. Akukho migudu yokuxoxisana nohulumeni esinayo ngaphandle kwezinkantolo, abezindaba kanye nokubhekana ngeziqu zamehlo esidlangalaleni. Loku kuholela ekungqubuzaneni nasekuwohlokeni kobudlelwano. Isivumelwano esingokwamasikompilo singawakha umgudu wokukhulumisana nokuxhumana neziphathimandla ukuze kulungiswe izindaba ezishisayo kusenesikhathi, kuxoxisanwe ngezivumelwano ezindabeni ezinjalo futhi kubuyiselwe futhi kwakhiwe ukwethembana. Isivumelwano esinjalo kufanele, njengento eyimfuneko nakanjani, siqinisekise amalungelo angokwesikompilo akhona kanye nezikhala (spaces) ezihlinzekwe kuMthetho-sisekelo nasemthethweni wamazwe. Izimfuno (claims) zamaBhunu kanye nokugcizelela kwethu kumalungelo nezithakazelo akufanele kubhekwe njengento ezimele yodwa noma njengempatho ekhethekile. Thina sivumelana kakhulu nezikhala ezihlinzekwe wuMthetho-sisekelo, kanye namajwayezi (conventions) agxilile amazwe omhlaba okunikeza amalungelo emiphakathini engokwesikompilo futhi kubeke izibopho phezu kwemibuso. Loku kubandakanya ilungelo lomphakathi ongokwesikompilo lokuba khona; ilungelo lezikhungo nezinhlangano lapho abantu bomphakathi ongokwesikompilo abangahlala khona futhi ngazo bakwazi ukudlulisela isikompilo; ilungelo lokuthuthukiswa kwemikhakha engokwesikompilo; kanye nokungabikho kwezinhlinzeko zobuhlanga ezingenabulungisa ezingase zithiye ukuphishekelwa kwalezi zinhloso ezifanelekile.

Sinombono wokuthi ngaloku siye sayibeka obala imibono-mbandela (premises) yethu eyisisekelo, kanye naloko okudingekayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi siyahlala futhi siyalakha izwe lethu. Ngaleyo ndlela sesiziqinisekisile izinhloso zethu ezinhle njengabantu baseNingizimu Afrika.

We are here to stay!